LISAZOBHADLA ESITOKISINI IPHOYISA NGELOKUBULALA
LISAGCINWE esitokisini iphoyisa ngecala lokubulala. Isithombe: Facebook
NOMCEBO NGEMA
LISAGCINWE esitokisini iphoyisa lama-Hawks elingaphansi kophiko iDurban Serious Organized Crime Investigation ngecala lokubulala.
UConstable Andile Zulu oneminyaka engama-40 ubudala ukhalelwe amasongo kaSigonyela ngoLwesihlanu ziyi-17 kuMfumfu, ngecala lokubulala uConstable Sibonelo Ngidi (29) eMariannhill.
Ngesikhathi kwenzeka lesigameko kusolwa ukuthi uConstable Ngidi wayeku-Chestnut Crescent ngesikhathi ezithela phezu kwemoto epake phakathi nomgwaqo. UConstable Ngidi Kuthiwa wacela umshayeli wemoto ukuthi, ayisuse phakathi komgwaqo ukuze ezodlula, okuyilapho ayinyathela emsileni.
Kuvele ukuthi kwabakhona khona ukuhilizisana ngamazwe, umshayeli wemoto evundle emgwaqeni wadedela intululwane yezinhlamvu ebhekise kuConstable Ngidi nokwathi ekuhambeni kwesikhathi kwatholakala ukuthi uConstable Zulu odubule uConstable Ngidi.
UConstable Ngidi wabe esephuthunyiswa esibhedlela okuyilapho okwafike kwamenela khona. Icala lokubulala lavulwa esiteshini samaphoyisa eMariannhill idokodo ladluliselwa kuma-Hawks ngenhloso yophenyo olunzulu.
Uphenyo lokuqala lwaholela umphenyi wecala e-Escombe railway station okuyilapho kusebenza khona uConstable Zulu, ube esecelwa ukuthi azinikele kodwa wathi nyawo zami ngibelethe. Ngosuku olulandelayo wabe eseyazinikela kumalunga eNational Intervention Unit, eDurban Central. UConstable Zulu wabe eseboshwa wabekwa icala lokubulala kanye nelokuzama ukubulala. Ube velile eNkantolo yase Pinetown, icala lahlehliselwa umhla zingama-27 kuMfumfu, ukuze afake isicelo sebheyili.
UMajor General Lesetja Senona, we-KwaZulu-Natal Directorate for Priority Crime Investigation Provincial Head ukwamukele ukuboshwa kukaConstable Zulu wancoma umsebenzi omuhle owenziwe amaphoyisa.
