UKHALA NGOKUDLELWA AMANDLA WAKHE UQWANA

INONI elikhishwe u-Aubrey Qwana elisihloko esithi omaqondana. ISITHOMBE:GOOGLE
AKHONA DLAMINI
UMCULI we-Afro Pop, u-Aubrey Qwana, useveze ukuthi uMduduzi Ncube obengaphansi kwesitebela sika-Big Zulu Inkabi Records, untshontshe ingoma yakhe ethi Omaqondana.
Kwinkulumo eqoshiwe (video) ayifake ezinkundleni zokuxhumana uQwana uthi kusukela ngoNhlolanja kulonyaka, ubezama ngamandla akhe wonke ukukhangisa le ngoma yakhe, eyifaka emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana ukuze ikwazi ukudayisa. Uphinde waveza ukuthi uke waxoxisana naye uMduduzi kepha kwanhlanga zimuka nomoya.
“Akuqali ukuthi abantu badle amandla ami, sengikhathele ukuthula manje. Lokhu okwenziwe uMduduzi ngizokusukumela ngoba uthathe ngisho indlela ebengiyikhangisa ngayo nezinhlamvu zamagama zengoma yakhe zicishe zifane ncamashi neyami ,” kusho u-Aubrey.
UMduduzi akatholakalanga ukuthi aziphendulele, nasezinkundleni zokuxhumana akaphefumulanga.
