Uncategorised

UMUNYU KUNGCWATSHWA AMALUNGA OMNDENI AYI-7

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula inkulumo yakhe ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomgcwabo.

AMABHOKISI anemizimba yamalunga omndeni akwa-Monswamy. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

ABAKWASIDLODLO basezithendeni zomsolwa wesine, othintekayo ekubulaweni kwamalunga ayi-7 omndeni wakwa-Monswamy, obulawe ngesihluku mhla zingama-23 kulenyanga eNewark ngaphansi kukaMasipala waseMandeni.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uveze lokhu namuhla, ngesikhathi ehambele inkonzo yokubeka lamalunga endlini yawo yokugcina, eStanger High School Sport Ground.

UNdunankulu uNtuli uthi njengoba amaphoyisa akwazi ukubopha abasolwa abathathu engakapheli amahora angama-24, aphinde athola imoto labasolwa abathumba ngayo lo mndeni, nalona wesine umsolwa akusensuku zatshwala akhalelwe amasongo kaS’gonyela. “Amaphoyisa akulesifundazwe aphume zinkalo zonke athungatha lo msolwa ongakabanjwa. Kutshalwe zonke izinsiza ezingasiza ukuthi kubanjwe lo msolwa wesine, ngoba angeke sikuthole ukuphumula uma engakabanjwa. Ngokubambisana noMnyango wezokuPhepha koMphakathi eMandeni sisayinde incwadi efungelwe (Affidavit), ephikisana nokuthi laba basolwa bathole ibheyili njengoba bezovela ngoLwesibili enkantolo,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi uyazi ukuthi lokhu abakwenzayo angeke kushintshe ubuhlungu ababuzwayo bokuhanjelwa abathandiweyo babo, wathi kodwa kufanele umthetho udlale indawo yawo.

“Emndenini wonke, abangani, izihlobo kanye nomphakathi ngithi duduzekani, niqine uNkulunkulu ukhona. Malunga omphakathi sukumani nibambane nibe imbumba, uma nazi ukuthi kunomuntu onesibhamu esingekho emphakathini mubikeni emaphoyiseni. Uma ngisithola isikhathi ngoLwesibili ngizoba khona enkantolo ukuze ibone ukuthi lesi senzo sobuhlaza, nokungabi nanhliziyo kufanele basijezele. Ngiyabonga kakhulu kuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngokuhlinzeka lo mndeni ngosonhlakahle, ukuze bathole ukwelulekwa ngokwengqondo. Ngiyafisa baqhubeke babe nawo lo mndeni kuze kube uthola uxolo kulobuhlungu obuzwayo, ngoba lobu buhlungu ababuzwayo akubona ubuhlungu obujwayelekile, lo mgcwabo akuwona umgcwabo ojwayelekile, ukubona amabhokisi ayisi-7, kungekhona ukuthi laba abadlulile emhlabeni kube ukugula kodwa kungenxa yesandla somuntu kubuhlungu kakhulu,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.

Amalunga omndeni akwa-Monswamy abekwe endlini yawo yokugcina namuhla Alan (55), uSandy (56), uKraidon (27), uShamarie (26), Cliffy (51), uMooniamma (79) kanye noMariamma (83).