Uncategorised

UKHAWULA UNXUSE ICITY INQOBE INEDBANK CUP

IDURBAN City FC ithole ukwesekwa uhulumeni wesifundazwe njengoba iyodlala umdlalo wamanqamu weNedbank Cup.

Ngenkathi bebonga uMhlonishwa uMntomuhle Khawula ngejezi elisayiniwe.
ISITHOMBE: Sports, Art and Culture

MALIBONGWE MAZIBUKO

IQEMBU lwaKwaZulu-Natal, iDurban City FC, lithole ukwesekwa okukhulu kuhulumeni wesifundazwe ngaphambi kokubhekana neTS Galaxy emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ozobanjelwa ePolokwane ngoMgqibelo.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNgqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko KwaZulu-Natal, uMhlonishwa Mntomuhle Khawula, ekhuluma emcimbini wokubafisela inhlanhla eThekwini ngoLwesibili ntambama. UKhawula uthe isifundazwe simi neqembu, waphinde wakhuthaza abadlali ukuthi bangene enkundleni bezethemba.
Ubalule abalandeli njengabazoba yingxenye ebalulekile empumelelweni, ebabiza ngokuthi “umdlali weshumi nambili.
Lo mdlalo uthathwa njengobalulekile njengoba iKwaZulu-Natal yagcina ukunqoba indebe ngo-2009 ngesikhathi i-Lamontville Golden Arrows iphakamisa eyeMTN8. ICity FC izama ukuqeda indlala yezindebe yeminyaka engu-17 kulesi sifundazwe.
UMnyango Wezemidlalo, ezobuCiko Namasiko KwaZulu-Natal ubuye wahlinzeka ngamabhasi amahlanu azothutha abalandeli nezikhulu ukuze beyokweseka iqembu ePolokwane.
Usihlalo weCity, Farouk Kadodia, ubonge ukwesekwa nguhulumeni, wathi iqembu lizimisele ukwenza kahle. Uthe abadlali bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iKwaZulu-Natal iyaziqhenya.
Njengophawu lokubonga, iqembu linikeze uKhawula ijezi elisayinwe abadlali, kanti uNgqongqoshe uqhubeke nokukhuthaza izakhamuzi ukuthi zeseke amaqembu aKwaZulu-Natal.