Ezobumnandi

IZALUKAZI ZINCOME ABAHLENGIKAZI NOSONHLALAKAHLE BASE-ABH

UNKK Merriam epha uNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga isikhwama sakwanokusho asithungile.

OMKHULU base-Aryan Benevolent Home bezivocavoca ukuze babe nemizimba enempilo. IZITHOMBE: NOMCEBO NGEMA

NOMCEBO NGEMA

UNKK MERRIAM Crouch ubonga impatho yabahlengikazi, nosonhlalakahle base-Aryan Benevolent Home.
Ukhulume kanje namuhla, ngesikhathi bevakashelwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, kulo leli khaya eligcina abadala eChatsworth.

UNkk Crouch ungomunye wezalukazi ezasuswa KwaMashu Christian Care Society, okuyisikhungo ebesingenzi kahle kukhwatshwaniswa izimali, saze savalelwa ngisho amanzi.
“Sifike lapha sabona ushintsho olukhulu, izinto ebezingenzeki ezamaZulu kodwa manje seziyenziwa. Kumnandi kakhulu lapha inhlanzeko ikhona, ukuhlalisana kahle okunokuthula. Ayikho lento yokuthi asikwazi ukuhlalisana ngoba siyizizwe ezihlukene, inhlonipho esiyifice kulabomama abahlala lapha iyamangalisa. Lapha siyazivocavoca kuphinde kufike nodokotela wethu (physiotherapist) asithwishile imilenze, sengiwumqemane manje,” kuchaza uNkk Crouch obehluleka nawukuzibamba ngenxa yenjabulo.

Uphinde waveza ukuthi uma behlezi emini kukhona imisebenzi abayenzayo yezandla, wathi yena uyathunga. Uthi ngosuku lomama bazokhombisa ngemisebenzi yabo yezandla emphakathini.

Njengoba zingama-74 izalukazi ezasuswa KwaMashu ezingama-56 zayiswa eZibambeleni Old Age Home, eziyi-14 zayiswa e-Aryan Benevolent Home kwathi oyedwa wayiswa eNkandla.