Uncategorised

UZOBANJELWA EGHANA UMQHUDELWANO WE-U20 AFCON 2027

IGhana iqokelwe ukusingatha umqhudelwano we-U20 AFCON ka-2027.
ISITHOMBE: CAF online

MALIBONGWE MAZIBUKO

ICONFEDARATIONS Africaine de Football (CAF) isimemezele ngokusemthethweni ukuthi iTotalEnergies CAF U-20 Africa Cup of Nations yango-2027 izosingathwa yiGhana, okuyisikhathi esifanayo lapho leli zwe lizobe ligubha khona umlando obalulekile wokuzimela kwalo.
Ngonyaka ozayo, iGhana izogubha iminyaka engu-70 yathola inkululeko, okuyinto egcizelela umlando wayo ocebile ebholeni kanye negalelo eliqhubekayo ekuthuthukiseni ibhola lase-Afrika.
Lokhu kuzoba okwesibili iGhana isingatha lo mqhudelwano, njengoba yagcina ukuwenza ngo-1999, yaqukula indebe phambi kwabalandeli bayo.
ITotalEnergies CAF U-20 Africa Cup of Nations (Afcon) izobandakanya amazwe angu-12, ihlanganise amakhono amasha avelele e-Afrika, kanti lo mqhudelwano uqhubeka nokuba yindlela ebalulekile yokukhulisa abadlali abangase badlale ezingeni lomhlaba.
IGhana, esiwine lo mqhudelwano izikhathi ezine, inegama elikhulu ebholeni lentsha futhi inegalelo elikhulu ekukhuliseni abadlali abasezingeni eliphezulu e-Afrika nasemhlabeni jikelele.
IGhana yaba yizwe lokuqala lase-Afrika i-FIFA U-20 World Cup ngo-2009 e-Egypt okuyinto eyaba yingqophamlando ebholeni lomhlaba.
Amaqembu amane aphezulu kwi-TotalEnergies CAF U-20 Africa Cup of Nations azothola ithuba lokumela i-Afrika kwi-FIFA U-20 World Cup, okwenza lo mqhudelwano ube nesithunzi esikhulu kakhulu.
I-Afcon U/20 igcine inqotshwe yiqembu laseNingizimu Afrika, Amajita, nyakenye.
ICAF izomemezela maduze izinsuku namadolobha azosingatha kanye nezinkundla zomqhudelwano weTotalEnergies CAF U-20 Africa Cup of Nations Ghana 2027.