Uncategorised

UMPHAKATHI WASE-MONDLO WEMUKELE NGEZANDLA EZIFUDUMELE UHLAHLOMALI

AMALUNGA omphakathi ebegcwele phama ehholo ethamele inkulumo kaMeya.

UMNUZ Xaba emukela isipho sakhe esivela kwiMeya kaMasipala waBaQulusi. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

ABEPHUME ngobuningi bawo amalunga omphakathi waseMondlo ngaphansi kukaMasipala waBaQulusi ngoLwesibili mhla zingama-28 kuMbasa, ezothamela inkulumo yohlahlomali lonyaka ka-2026/2027, kwa-A eMondlo, kwa-A.

Umphakathi wakule ndawo ukhombise injabulo nokugculiseka ngendlela imali eyabiwe ngayo kwizidingo ezahlukahlukene.

IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, ube esefeza isethembiso asenza kuMnuz Xaba, ongumholi weqembu lomculo uBuhle beMondlo, waxhasa ngemishini, izipikha ne-16 channel mixer, ukuze akwazi ukuqhubeka aqeqeshe intsha endimeni yomculo. IMeya ithi uMnuz Xaba uyisiza kakhulu intsha, ngokuyigcina imatasa ukuze ingasitholi isikhathi sokwenza ubugebengu nokusebenzisa izidakamizwa.

IMeya iphinde yanikela ngomshini wokuthunga kumama onebhizinisi lokuthunga khona eMondlo.