UZIMDOLLAR UVALELISE KOWAMA-BLUE NATION E-CARNIVAL CITY

UZIMDOLLAR osethi khumu ekubeni umphathi wezinhlelo emicimbini kamaskandi.

UKHUZANI Mpungose okusabatshazwa amandla akhe nengqephu ebeyishintshashitsha kulomcimbi. IZITHOMBE: KHUZANI MPUNGOSE
NOMCEBO NGEMA
UZIMIPHI Biyela odume kakhulu ngelika-Zimdollar ongumsakazi woKhozi FM, ubongele uKhuzani Mpungose ngakho konke okuhle uNkulunkulu amenzele khona.
Ukusho lokhu ngoMgqibelo ebusuku emcimbini obizwa ngeBlue Nation Festival, eCarnival City eGoli, ngesikhathi le ntokazi ibeka phansi izintambo zokuba umphathi wezinhlelo emicimbini kamaskandi.
UZimdollar uthi uhalalisela futhi ubonga konke uNkulunkulu akwenzele amaBlue Nation.
“Sizobonga izindondo, umakoti, imicimbi eba impumelelo, kuningi ngoba uNkulunkulu ulokhu esehliselile njalo izinto ezinhle. Sizobonga neqhaza elibanjwe amaBlue Nation, eseka umculo kaKhuzani. Konke lokhu okwenzeka namuhla kubafanele abalandeli bakaKhuzani. Lo mcimbi uhanjelwa kakhulu abantu abahlelekile ngoba iqhawe lethu lihleleke ngendlela eyisimanga,” kusho uZimdollar eqhuba ethi:
” Namuhla usuku lwami lokugcina ngiphethe uhlelo emcimbini kaMaskandi. Ngithi khumu ngoba sekukhulekile, futhi lokho kuzoveza amathalente eza ngemuva. Baningi kakhulu odadewethu nabafowethu abakhona abanethalente abakwaziyo ukugijima. Ngithi nje angibadedele ngibanikeze ithuba, wena ungaze ucabange ukuthi ngizophatha uhlelo kanti ngizobeka phansi amakhokho, ngoba nomdlali amakhokho uwabeka enkundleni yezemidlalo.”
Uqhube wathi ukuvalelisa ezinkundleni zokuxhumana bekunganele bekufanele angene esiteji ayibhikle okokugcina.
“Mnumzane Mpungose, mntomkhulu ngiyakubongela kakhulu ngezibusiso, nakho konke okuhle uNkulunkulu akwenzele khona. Engathi uNkulunkulu engakukhulisa, akuvikele, akhule namaBlue Nation amboze umhlaba ngalombala oBlue,” kuphetha uZimdollar.
