USHAYELWE IHLOMBE NGOKUBUYISA USIKO LOKUHLOLWA KWEZINTOMBI OWABAQULUSI

IMENENJA kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini, ngesikhathi ekhuluma kulomcimbi. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMENENJA kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini, ushayele ihlombe uMama Thezile Goodness Mkhonza owayenguNomehlo, ngokuphilisa isiko lokuhlolwa kwezintombi, okuwusiko elavuselelwa iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, okuyiSilo esebuza, ngesikhathi kunomcimbi wesikhumbuzo sikaMama Mkhonza, eCicil Emmett eVryheid ngoMgqibelo.
UNkk Dlamini uthi inkulu kakhulu indima eyaklanywa umama uMkhonza, ekukhuthazeni ukuhlolwa kwamantombazane ngaphansi kukaMasipala waBaQulusi, waphinde wagqugquzele ukuthi azigqaje ngobuntombi bawo.
UNkk Dlamini uthi baqoke lolu suku ukukhumbula isigomagoma sikamama uMkhonza.
“Namhlanje sikhumbula isigomagoma uMama uMkhonza, umuntu owayengancengi. Lo mama wakwazi ukuma, wakwazi ukuthatha inhloso yeSilo uMdlokombane, okuyisona esasifuna ukuthi izingane zethu zamantombazane zibe ilento eziyiyona namhlanje,” kusho uNkk Dlamini.
UMama Mkhonza wadlula emhlabeni ngonyaka ka-2020 ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCOVID-19, ngaleso sikhathi kwakungavumelekile ukuhlanganyela kwabantu abaningi endaweni eyodwa, okwenza kwaba yisilonda kubantu ababesondelene noMama Mkhonza, kusukela ezintombini ayezikhulisa kanye noNomehlo ayebaphethe.
AbaseNdlunkulu kaZulu nabo balishayele izandla igalelo likaMama uMkhonza.
