KUZOBOSHWA UMHOLI WE-NCC U-FADIEL ADAMS

UMBIKO okhishwe amaphoyisa ezinkundleni zokuxhumana.

UFADIEL Adams ofunwa amaphoyisa phansi phezulu ngemumva kokutholwa enamacala enkohlakalo nokuba nesandla ekuvimbeni ukusebenza komthemtho. IZITHOMBE: FACEBOOK
PHUMELELE DLAMINI
ITHIMBA lamaphoyisa aphenya ngokubulawa kosopolitiki, asekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kuka-Fadiel Adams, ongumsunguli nomholi weNational Coloured Congress (NCC), kulandela ukuphazamisa ukusebenza koMthetho nokubandakanyeka kwinkohlakalo.
Amaphoyisa amunxuse ukuthi azinikele esiteshini samaphoyisa aseduze naso ngokushesha, njengoba ebhekene namacala enkohlakalo nokuvimba umthetho ukuthi usebenze.
Ngokusho kokukhulumela amaphoyisa kuleli uBrigadier Athlenda Mathew, uthi uFadiel usolwa ngokugxambukela ophenyweni lokubulawa komholi we-ANC Youth League, uSindiso Magaqa.
Amaphoyisa athi uFadiel wakhuluma nenkabi esigwetshiwe, ngesikhathi uphenyo lusesigabeni esibucayi. Nakuba bekuvunyelwene nabameli bakhe ukuthi azinikele izolo ngoMsombuluko esiteshini samaphoyisa eCape Town Central, amaphoyisa athi akafikanga waphinda wangalubhada nasenkantolo yaKwaZulu-Natal njengoba bekulindeleke ukuthi avele khona.
Yize amaphoyisa esezame ngazo zonke izindlela ukuthi axhumane nabameli bakhe, kodwa uFadiel uyahluleka ukuya emaphoyiseni ngakho abe esemunxusa ukuba asebenzisane nengalo yomthetho kungaze konakale.
