Uncategorised

UBHEKENE NECALA LOKUBULALA OWASEMALAWI OBEHILIZISANA NO-NGIZWE

UMSOLWA exabana noNgizwe Mchunu enqaba ukuveza amaphepha amgunyaza ukuthi ahlale eNingizimu Afrika.

ISITATIMENDE esashicilelwa ngonyaka ka2015 mayelana necala lokubulala abhekene nalo u-Ali Saidi Chinemba.IZITHOMBE: FACEBOOK

PHUMELELE DLAMINI

USWELE umgodi wokucasha owaseMalawi u-Ali Saidi Chinemba owaziwa kakhulu ngelika-Ali Kaka, owabalekela eNingizimu Afrika ngemumva kokusolwa ngokubulala owesilisa oneminyaka engama-20 ubudala, uDave Kadzuwa ngonyaka ka-2014.
U-Ali Kaka ubonakale kwivideo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho eqophisana noNgizwe Mchunu kwimashi yeMarch and March, enxenxa abokufika abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli ukuthi babuyele emazweni abo.
Lo msolwa kuthiwa wabaleka ezweni lakhe kulandela ukunikezwe ibheyili enkantolo yaseBlantyre ngonyaka ka-2015, washaya wachitha weza kuleli.

Lezi zindaba zifinyelele ngokushesha kwinhlangano elwela amalungelo abantu e-Malawi, iHuman Rights Defenders Coalition esinxuse amaphoyisa aseMalawi ukuthi asebenzisane namaphoyisa akuleli ukuze abanjwe lo msolwa.