INKANTOLO IVUNE UMSEBENZI YACHITHA ABAKWA-MTN

ABAKWA-MTN bayalelwe ukuba babuyisele umsebenzi wabo emsebenzini ngemuva kokuchithwa icala. ISTHOMBE: GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
INKANTOLO yaBasebenzi ichithe isicelo senkampani yezokuxhumana iMTN, ngemumva kwemizamo yokudlulisa icala lokuxoshwa komsebenzi wayo uNeo Thlame.
IJaji uTapiwa Cecilia Gandidze, likhiphe isinqumo sokuthi abakwa-MTN bahlulekile ukuthula ubufakazi, obuhlelwe ekutheni baxoshe umsebenzi wabo.
Ngokwedlule inkantolo yanquma ukuthi isenzo sikaThlame sokuphutha emsebenzini, nokungahloniphi imiyalelo yomphathi, sasingachazi ukuthi akaxoshwe emsebenzini. Nakuba abakwa-MTN baphikisa ngokuthi uThlame unomlando wokuphinda leli iphutha, futhi akazisoli ngesenzo sakhe, kepha ijaji laphawula ngokuthi loko akuchazi ukuthi kumele axoshwe.
Libe seligoqa ngokuthi uThlame kumele abuyele emsebenzini akhokhelwe nemali yezinyanga eziyisithupha ebengazisebenzi ngazo.
