Uncategorised

UKHAWULA UZIMISELE UKULEKELELA IZIKOLE EZISEMAKHAYA NEZIXAKEKILE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uthi inkulu indima eklanywa ezemidlalo nobuciko ukuthi izingane ezikoleni.
Lokhu uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ngesikhathi kunomhlangano wokucobelela ngolwazi nokuqalisa izivumelwano zokuqondana, ehotela eRoyal eThekwini.
Lesi sivumelwano kuhloswe ngawo ukuqinisa amaxhama okusebenzisana phakathi koMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko noMnyango wezeMfundo eKZN.
Uthi ngayo kubhekwe ukuthi amathalente namakhono akhuliswe, kusuka ezikoleni kuya esigabenise Sekethe kuze kufike kwisifunda.
“Siyakholelwa kakhulu ekutheni, inkunzi isematholeni. Lokho kukhombisa ukubaluleka kokuvumbululwa kwamathalente namakhono ezikoleni. Kuningi esesikuzuzile ngalolu hlelo lweSchool Sport Programme. I-Edendale Tech yenza ezibukwayo amahlandla amaningi iwina ngonyaka odlule, yaze yanqoba kwiCAF African schools U15 eTanzania. Lolu hlelo selukhiqize abadlali abaseqophelweni eliphezulu abaningi” kusho uKhawula.

UKhawula uphinde wancome umoya wokubambisana.
Uthe inhlosongqangi yalesi sivumelwano,
ukuthi kulekelelwe izikole ikakhulukazi ezisemakhaya ezixakekile ezikuquantile 1,2 no-3, nama special education schools.