ININGIZIMU AFRIKA IBOLEKE IMALI KWIBHANGE LOMHLABA

ELAKULELI liboleke isamba semali kwiBhange loMhlaba. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ZISHAQISE abaningi izindaba ezikhishwe uMnyango wezeziMali, zokuthi elakuleli libolekwe iBhange loMhlaba (World Bank) isamba semali engu-R26.5 billion, ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda yamanzi, ukuthuthwa kwendle, izitimelela ezithutha impahla nogesi. UMnyango uthi le mali ibolekwe ngenzalo ephansi kwemigomo yokukhokha evumayo, okuzosiza ukunciphisa izindleko zokukhokha izikweletu.
“Le mali izokhokhwa iminyaka eyi-15, njengoba eminyakeni emithathu yokuqala uhulumeni engeke ayikhokhe imali enkulu eyinzalo yesikweletu. Lesi yisikweletu sesine esinikezwe iNingizimu Afrika kusukela ngonyaka ka-2022, singesokuqala esigxile ekuthuthukiseni ingqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle,” kusho isitatimende soMnyango wezeziMali kuleli.
Nansi imibono yabahlali baseNingizimu Afrika, ezinkundleni zokuxhumana: “Lo baba ufuna ukwehla esikhundleni izwe lase-South Africa alishiye kwezinkulu izikweletu, Akobe sekuzovotwa lemali ijike isebenze kumkhonyovu owenzeka maku votwa, Lobaba lezikweleti ezingaka azenzayo uthi zokhokhwa ubani saze salingwa ngoba naleyomali awuzwa ukuthi yenzani, Lezikweleti ezingaka azenzayo uthi zokhokhwa ubani saze salingwa ngoba naleyomali awuzwa ukuthi yenzani. Yonke leyo mali eyokondla ama foreigners.” kusho abantu ezinkundleni zokuxhumana.
