UQOKELWE KWESIPHEZULU SASE-AFRIKA UMAHLOBO

UMANDLA MAHLOBO oqokelwe kwisikhundla esisha. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UMPHATHI woMsunduzi Library Services, uDkt Mandla Maxwell Mahlobo ukhethwe njengoMengameli ozimele wenhlangano i-SCECSAL (Standing Conference of Eastern, Central and Southern African Library and Information Associations), ngesikhathi kunoMhlangano Omkhulu (General Assembly) obubanjelwe eZambia.
UMahlobo uchaze iSCESCAL njengenkundla evulekile yemitapo yezincwadi futhi okutholakala ulwazi olunzulu kuyo, kwi-Afrika yonkana.
“I-SCECSAL inhlangano yesifunda ehlanganisa izinhlangano zemitapo yolwazi e-Afrika. Ubulungu bale nhlangano buvulelekile ezinhlanganweni zamazwe ahlukahlukene okubalwa kuwo i-Angola, Botswana, Burundi, Congo Republic namanye amaningi,” kusho uMahlobo.
Uqhube wathi le nhlangano iphinde igqugquzele ubumbano lapho kwabelwana khona ngolwazi, kwabelwane ngemibono nobudlelwane bokusebenza.
