Uncategorised

INGASE IKHUMELANE UMLOTHA I-IRAN NE-USA

SINGASE sibuyele kwesejwayelekile isimo phakathi kwe-Iran ne-United States. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

KULOKOZA inhlansi yethemba kumazwe amabili aphesheya kwezilwandle abebhekene ngeziqu zamehlo, njengoba kunezingxoxo zokuthelelana amanzi eziqhubekayo.

I-Iran ne-United States basezingxoxweni zokusayina isivumelwano sokuthelelana amanzi okuzokwenza kuvulwe kabusha imizila yasolwandle, kuphinde kuvunyelwe i-Iran ukuthi ithengise uwoyela ngokukhululeka. Lo mzila wavalwa i-Iran zingama-28 kuNhlolanja kulonyaka ngenxa yayo impi, okwabangela ukuthi amanani kawoyela akhuphuke emhlabeni wonke.

UMengameli waseMelika uDonald Trump uthi isivumelwano sesixoxiwe, kodwa wathi amathuba okuthi sifezwe angu-50%. Amazwe asePakistan, Saudi Arabia, kanye neQatar yiwona abambe iqhaza ekulamuleni la mazwe.