AMATELE ASEBHEBHETHEKE NAKWINGULUBE E-KZN

UNGQONGQOSHE wezoLimo KwaZulu-Natal uNkk kaMadlobha-Mthethws

ISIFO samatele sesibheduke kwizingulube KwaZulu-Natal. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
SESIDLULELE kwizingulube isifo samatele esiphatha kakhulu izilwane esinezinsele, nesisanda kumenyezelwa njengenhlekelele kazwelonke.
Lezindaba zivezwe uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa.
UMnyango uthi lesi sifo sibheduke kakhulu epulazini lezingulube kuMkhandlu Amajuba. Uthi umkhankaso wokugoma usuyasheshiswa, njengoba eDannhauser sekugonywe izingulube ezingama-13,400 nezinkomo ezingama-4,200.
Uveze ukuthi eminye imikhandlu efana noMgungundlovu District, uThukela District kanye noMzinyathi District nazo ziyaqhubeka nokugoma izinkomo.
UNgqongqoshe Madlobha Mthethwa uthi sekugonywe imfuyo engaphezu kuka-306,000, ezindaweni ezifana no
-Ugu District, ne-Harry Gwala District.
