Uncategorised

KUGQABUKE IFINDO KWIZITHANDANI EZINGOSAZIWAYO

UMLINDO The Vocalist naloyo obeyintombi yakhe uTaylor Allison .
ISITHOMBE : FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

INTOMBI yomculi wakuleli ongaconsi phansi kwabaningi uMlindo The Vocalist, owazakhela udumo ngengoma ethi “Amablesser”, ikhiphe izindaba zokuthi sebehlukene nalo mculi ngenxa yokuhlukumezeka.

U-Taylor Allison ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uMlindo uyamhlukumeza yena nengane yakhe, engazalwa ilo mculi futhi uMlindo akathembekile kulolu thando lwabo osekuholele ekutheni atheleleka ngezifo izikhawana.
“Akayona lento enicabanga ukuthi uyiyona uMlindo akalungile neze, sike sathi ukuhlukana naye, kodwa wangincenga wathi uzokwenza kangcono. Imina futhi obemondla njengoba yena ebehlezi ekhala ngokuthi akanayo imali ngenxa yokuthi wondla izingane zakhe, yingakho ngesikhathi sihlukana ngiqoqe konke endlini ebesihlala kuyo,” kusho uTaylor.

UMlindo ube esekhipha isitatemende eziphika zonke lezi zinsolo, usho nokuthi usemizameni yokulungisa konke okudicilela igama lakhe phansi.
“Kubuhlungu ukubona izindaba ezinjengalezi zihambisa okomlilo wequbula, ngoba zidicilela igama lami, isithunzi sami nakho konke engikusebenzele phansi,” kusho uMlindo esitatimendeni.