Uncategorised

I-DA IGQUGQUZELA UKUTHULA KUMAMASHI AKUSASA

Ongumholi weDemocratic Alliance KwaZulu-Natal uMnuz Sthembiso Ngema unxusa ukuthula kumamashi akusasa. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA

ONGEZIWE NTONDINI

IQEMBU lezepolitiki iDemocratic Alliance (DA), igqugquzele ukuthula kumamashi azokuba ethe chithi saka kusasa, amayelana nokuxoshwa kwabokufika abangenamaphepha abagunyaza ukuba kuleli. Lokhu kushiwo umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Sthembiso Ngema, namuhla ehotela e-Onomo eThekwini, ngesikhathi leli qembu libize isithangami sabezindaba, ukuzicacisa ukuthi abanankinga namamashi kodwa banxusa ukuthi abe nokuthula.

UNgema unxuse abezomthetho ukuthi baqikelele ukuthi ezokuphepha ziqinile futhi abaphambana nomthetho bayaboshwa. “Bonke abazobamba iqhaza embhikishweni baziphathe ngendlela enokuthula, bagweme udlame futhi bavikele imiphakathi, amabhizinisi, izikole namasonto. Sicela ukubambisana phakathi komphakathi namaphoyisa ukuze kube nokuthula,” kubeka uNgema.

Uphinde wagcizelela ukuthi iziteleka ezinodlame zixosha abatshalizimali, okuholela ekulahlekeni kwamathuba emisebenzi nasekubhidlikeni komnotho.” Uma kuchitheka igazi okanye kuba nodlame, kwenza abatshali-mali babaleke. Ngeke sivume ukuthi okwakhiwe iminyaka kubhidlizwe ngomzuzwana. Ukuhamba kwabatshali-mali kusho ukwanda kwesibalo sabantu abangasebenzi,” esho.

Uthi lawa mamashi kubalulekile ukuthi abe nokuhleleka futhi angaphenduki izibhelu.Uveze ukuthi eminyakeni emibili edlule i-DA ibe neqhaza ekuholeni izinguquko ezinkulu, okuhlanganisa ukugcizelela ukuphepha emingceleni yakuleli ukuze kungene kuphela abantu abangena ngokusemthethweni.”Kubalulekile ukuthi uhulumeni wakuleli usebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu,” kusho uNgema.