Uncategorised

KUBOSHWE ABANGU-13 365 KUMKHANKASO WE-OPERATION SHANELA II

UMBIKO okhombisa imiphumela yomkhankaso i-Operation Shanela II evikini eledlule. ISTHOMBE: SA POLICE SERVICES

PHUMELELE DLAMINI

AMAPHOYISA alwa nobugebengu ayaqhubeka nokuqinisa isandla emkhankasweni wawo obizwa nge-Operation Shanela II, lapho ebophe khona abantu abayi-13 365 phakathi komhla zi-4 kuya kumhla ziyi-10 kuNhlaba kulonyaka. Kulomkhankaso amaphoyisa ahlole izinkulungwane zabantu nezimoto athola izibhamu eziyi-106 kanti kulabo ababoshiwe kutholakale ukuthi bayi-1 794 abangabasolwa kwamanye amacala ahlukahlukene.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe, uthi lo mkhankaso ugxile kakhulu ekunqandeni ubugebengu obunodlame.
Uqhube wathi kuboshwe abasolwa ngamacala okudlwengula abayi-146 kuNhlaba okuyinyanga yokuvikelwa kwezingane.

“Amaphoyisa abophe abasolwa ababanjwe nezidakamizwa abayi-2 573, abasolwa ngokushushumbisa izidamizwa abangama-280, abatholakale nezikhali eziyingozi abangama-759 kanye nabatholakale nezimoto ezebiwe abayi-104. Izifundazwe ebezinezibalo eziphezulu zabantu ababoshiwe iKwaZulu-Natal kanye neGauteng okuwuphawu oluhle olukhombisa ukuzimisela kwamaphoyisa emsebenzini wawo,” kusho uBrigadier Mathe.