UHOSHA IMFE KWEZEPOLITIKI UNDLOZI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KUPHELILE ukuqagela ngekusasa likaNdlozi obeyilunga le-EFF, eyilunga lephalamende, futhi enguSomlomo waleli qembu eliholwa uMnuz Julius Malema, kulandela ukubhoboka kwakhe ukuthi uyashiya kwipolitiki.
UDkt Mbuyiseni Ndlozi ukusho lokhu ngesikhathi ebhoboka okokuqala kwinhlangano yezindaba iSABC ohlweni iMorning Live namuhla.
Lokhu kugonyuluka kukaNdlozi kwenzeka ngemuva kokuthula isikhathi eside kungaziwa ukuthi kwenzakalani ngaye. Okwavusa imibuzo kwaba ukwesula kwakhe njengelunga lephalamende, nakho okwenzeka wangaphefumula ngakho uNdlozi ukucacisa.
UNdlozi uveze ukuthi useyihambisile incwadi yokwesula ngokusemthethweni kuleli qembu.
“Sengithi khumu kwezepolitiki. Sengizogxila ezinhlakani zokuthuthukisa umphakathi nasekuthuthukiseni impilo yami kwezemfundo,” kusho yena.
UNdlozi ungomunye wabasungula i-EFF ngonyaka ka-2013, lapho abaphuma khona noMalema ngesikhathi exoshwa kwi-ANC ngenxa yokuziphatha okomdlwembe.
