
OWOKHOZI UKHUTHAZE EZOBUCHWEPHESHE EZIKOLENI
AKHONA DLAMINI
UMSAKAZI woKhozi FM, uMsizi Ntaka, ukhuthaze abafundi ukuthi basebenzise omakhalekhukhwini babo ngendlela ezobasenzela. Lokhu ukusho ngesikhathi bevakashele esinye sezikole, Igugulabasha Secondary School, eNanda, kwi-From Prison to Palace Crime Awareness Project, esungulwe uPro Ndlovu.
UNtaka ukhuthaze abafundi ukuthi bafunde izifundo zamahhala ezivela kwa-Google, ukuze bakwazi ukuba ongoti bezobuchwepheshe bakusasa.
“Isikhathi siyaguquguquka, sidinga ongoti bakusasa abazokwenza isiqiniseko sokuthi izinto komakhalekhukhwini zihleli ngendlela. Siyabona ne-Artificial Intelligence (AI) idla lubi. UGoogle unazo izifundo zamahhala ezingakusiza ukuthi ufunde, ubhale ugcine ufinyelele ekubeni ungoti wezobuchwepheshe ,” kubeka uNtaka.
Uphinde wakhuthaza umatikuletsheni ukuthi usebenzise omakhalekhukhwini, ukufaka izicelo zokufunda ezikoleni.
“Niyisizukulwane esinenhlanhla kakhulu, thina ngezikhathi zethu sasingenabo omakhalekhukhwini. Yisona isizathu esenza ngafundela umsebenzi engangingenalo ulwazi olugcwele ngawo. Nina ningakwazi ukwenza uphenyo ngomsebenzi enifisa ukuwufundela komakhalekhukhwini benu. Ningabheka futhi nezikole enifisa ukufunda kuzona ukuthi ziyahambelana yini nendlela enifisa ukufundiswa ngayo,” kusho uNtaka.
