U-RETHABILE UKHIPHE ALBHAMU YOKUHLONIPHA UNINA

URETHABILE Khumalo ongumculi futhi oyindodakazi kaWinnie Khumalo ongasekho emhlabeni. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UMCULI ophinde abe umbhali wezingoma osezakhele igama, uRethabile Khumalo, ukhiphe ngokusemthethweni i-albhamu yakhe yesithathu esihloko sithi Kwelizayo.
Lo msebenzi uwuchaze njengosondele kakhulu enhliziyweni yakhe, njengoba ehlonipha unina ongasekho ngawo, uWinnie Khumalo.
Le albhamu iholwa ingoma ethi Bagolo, egqamisa ubuhlungu, uthando kanye nokuzithola kabusha ngokomculo, kwazise sekuphele isikhathi eside engakhiphi. Iphinde ihlanganise izilimi ezihlukene okubalwa isiZulu, isiXhosa nesiPedi okukhombisa ukwehlukahlukana kwamasiko aseNingizimu Afrika, nokuhlonipha ifa likaWinnie Khumalo.
“Le albhamu ayiwona nje umculo kimi, kodwa iyindlela yokuhlonipha umama, nokuqhubeka nokwenza ukuthi igama lakhe lingapheli njengengqalabutho emculweni. Ngichithe isikhathi ngizithola kabusha ngemumva kokulahlekelwa ngumama wami, futhi iKwelizayo ibe yingxenye yalolo hambo,” kusho uRethabile
