UGQUGQUZELA UKUFUNDWA KWEZINCWADI UGCINA MHLOPHE

UDKT Gcina Mhlophe ubengomunye obethamele i-Articulate Africa. ISITHOMBE: AKHONA DLAMINI
AKHONA DLAMINI
UMBHALI omnkantshubomvu endimeni uDokotela Gcina Mhlophe uthi izincwadi ziyifagugu lakuleli aziphathiswe kwezikhali zamantungwa.
Lokhu ukusho ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini we-Articulate Africa, obubanjelwe eDurban Exhibition Centre namuhla.
Ukhuthaze kakhulu izingane ezisemabangeni aphansi ukuthi zikhuthalele ukufunda. Uthi ukuqala usemncane ukufunda izincwadi kuyakucija kwenze, ukhule ube yingqwele kwezemfundo, lokho kungakuholela ekutheni ube utho ngelinye ilanga. Uphinde wagqugquzela ababhali ukuthi bayibambe ishisa ngoba ikusasa lakuleli lisezandleni zabo.
“ITheku idolobha lezincwadi, ngiphinde ngilifanise nempangele ekhala igijima. Laziwa emhlabeni wonke jikelele, lihamba libeka isizwe sakithi ebalazweni. Inyoni enephimbo elingumlilo, umlilo okhanyisela labo abazingela ulwazi, nezivakashi kanye nalabo abalahlekela ngaso-Ogwini ngakithi kwelikaMthaniya. Ungahamba uze uqede umhlaba ngeke ulithole idolobha elidlula iTheku eligabe ngababhali nangezincwadi,” kuhaya uDkt Gcina Mhlophe.
Uphethe inkulumo yakhe ngokubonga i-UNESCO ngokutomula izincwadi zakhe ezintathu, ukuze zibe yingxenye yemibukiso ezweni jikelele.
