Uncategorised

LIHLEHLILE LOSOLWA NGOKUSOCONGA UWITNESS-D KWI-MADLANGA

USAZOQHUBEKA abhadle esitokisini uMatipandile Sotheni, osolwa ngokubulala uWitness D kwiMadlanga Commission. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UZOQHUBEKA abhadle esitokisini uMatipandile Sotheni, ongumsolwa ecaleni lokubulawa kukaWitness D kwiKhomishana kaMadlanga, uMarius van der Merwe.
Lokhu kulandela ukuthi iNkantolo yesiFunda yaseBrakpan ihlehlisele uLwesine ukulalelwa kwesicelo sebheyili, izolo.

USotheni ubhekene namacala ayi-16 ahlanganisa ukubulala, ukuzama ukubulala, nokutholakala nezinhlamvu ngokungemthetho. Ngokusho kwamaphoyisa athi kwasetshenziswa isibhamu sohlobo lwe-AK47 ngesikhathi kudutshulwa kubulawa uFakazi D, uVan der Merwe owadutshulwa ngaphandle komuzi wakhe, ngemuva nje kokufakaza kuMadlanga Commission.

USotheni wayeyilungu le-SAPS Special Task Force, uphikile ukuthi uyathinteka kulolu daba, wathi yena akanaso isibhamu esinjalo.