Uncategorised

UKHAWULA UFEZEKISE IPHUPHO LEMINYAKA LOWESIFAZANE NGENDLU

UMACEKECEKE wendlu eyakhelwe uNksz Mbatha.

UNKSZ Mbatha ebonga indlu kuNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

USWELE amagama okubonga uNksz Bongekile Mbatha okhulisa ingane ekhubazekile ku-ward 7, eMganwini eMdletsheni ngaphansi kukaMasipala iBig5, ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula emnika ukhiye wendlu yakwanokusho.
Lokhu kwenzeke namuhla kuMkhandlu waseMkhanyakude , ngenkathi kuqhubeka i-Operation Sukuma Sakhe (OSS), lapho uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehambisana neKhabhinethi yakhe beziyela ngqo emphakathini, ngenhloso yokuhlola amaprojekthi entuthuko ukuthi asehambe afikaphi nokulalela izingqinamba ezibhekene nomphakathi.

UNksz Mbatha uthi ubeselilahlile ithemba ukuthi uyoke abe nendlu ethi yena, engangenwa amaconsi emvula uma lina izulu.
Uthi kodwa namuhla uNgqongqoshe uMnuz uKhawula, uyigezile inhliziyo yakhe emnika ukhiye wendlu yakhe yakwanokusho. “Ngiyabonga kakhulu kuNgqongqoshe ngokungipha lesi sipho esikhulu engingeke ngisikhohlwe empilweni yami yonke. Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngingaphiwa indlu enhle kangaka, njengoba bengilala endlini evuzayo uma imvula ina futhi ipheshiwe ngothayela,” kusho uNksz Mbatha.

UNgqongqoshe uMnuz uKhawula uchaze ngokuphithizela koNgqongqoshe eMkhanyakude, wacela ukuthi izisebenzi zikahukumeni namakhansela ukuthi bakhuphule amasokisi. “Abasebenzi bakahulumeni bakuphendulile okunye kwalokho obukhala ngakho, njengoba uthola umacekeceke wendlu. Izimpendulo akufanele ziphendulwe ngomlomo kuphele kanjalo kodwa izimpendulo azihambisane nosizo abantu abasuke bekhala ngalo. Nginikezele ngendlu kwaMbatha okukhombisa ukuthi uhulumeni uyasebenza. Lo mndeni wakwaMbatha unamalunga ayisi- 9 futhi akukho muntu osebenzayo kuwona,” kusho uNgqongqoshe uMnuz uKhawula.
Usho nokuthi umlayezo wakhe oqinile uqondile, ukuthi njengoba bekhethiwe ukuthi bamele umphakathi, abawumele ngeqiniso, basebenzele abantu baphinde baphithizele kubona abantu emphakathini. “Umphakathi awungabi nezinkinga uphinde uswele ukuthi uzozibikela bani. Kubasebenzi bakahulumeni ngicela sisebenzele abantu, sisebenzele uhulumeni ngokwethembeka ngokuthi izinto okumele zenzeke emphakathini, uma uhulumeni eseyikhiphile imali azenzeke ngejubane lentulo,” kuphetha uNgqongqoshe uMnuz uKhawula.