Uncategorised

UMKHWANAZI UTHI ZIZOYIKHOTHA IMBENGE YOMILE IZIGEBENGU E-KZN

ULt Nhlanhla Mkhwanazi uthi ubuyele ukuzobhekana ngqo nezigebengu.

NOMCEBO NGEMA

ULT Nhlanhla Mkhwanazi uthi ubuyele ukuzobhekana ngqo nezigebengu KwaZulu-Natal, ufuna zazi izigebengu ukuthi kulesi sifundazwe akuyona indawo yokudlalela. ULt Mkhwanazi ukusho lokhu ngemuva kokuthi uGen Fannie Masemola ezomemezela ngokusemthethweni ukuthi uzomnika ihlandla lesibili, lokuthi aqhoqhobale lesi sikhundla sokuba uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal.

ULt Mkhwanazi kuleli ihlandla lesibili uzoqhubeka nabekwenza, ukulwa nobugebengu futhi uzoqinisekisa ukuthi alufakwa KwaZulu-Natal.

“Bengingasazimisele ukubuya ngoba ngithi ngifuna ukuphumula. Kodwa ngibuye ngashintsha umqondo ngenxa yokubona isidingo sokusebenzela abantu baKwaZulu-Natal. Ngisazoqhubeka ngisebenzele phezu kwemigomo yokwehlisa ubugebengu,” kusho Lt Mkhwanazi.
Uthi uzoqhubeka nokusebenzela umphakathi ngokwethembeka nangobuqotho.