Uncategorised

UPRO UGQUGQUZELA UKUVUKA UZITHATHE UMA UWILE

US’THEMBISO Pro Ndlovu obengomunye obekhangisa incwadi yakhe kowe-Articulate Africa. ISITHOMBE: AKHONA DLAMINI

AKHONA DLAMINI

USOMAHLAYA osezenzele igama endimeni uS’thembiso Pro Ndlovu, uthi abantu abangesabi ukuqala kabusha empilweni. Lokhu ukusho emcimbini we-Articulate Africa eDurban Exhibition Centre, namuhla.

Le nsizwa ubengomunye wabaqokelwe ukuzokhangisa ngezincwadi zakhe kowe-AA. Incwadi yakhe esihloko sithi From Prison to Palace, uthi wayibhala esesimeni esinzima.
“Le ncwadi ngayibhala nginentukuthelo njengoba ngangisejele ngiboshelwe icala engingalazi. Kulokho ngafunda ukuthi nanoma impilo isikubeke kusiphi isimo, kubaluleke kakhulu ukuqala kabusha. Namuhla incwadi yami ingezinye yeziqokiwe kulo mcimbi, lokho kungikhombise ibanga esengilihambile kulolu hambo lokuqala kabusha,” kusho uPro.

Wengeze ngokweluleka ozakwabo abasemkhakheni wokubhala nakaqedisizungu ukuthi babekezele, bakhumbule ukuthi okubekelwe bona kuyofika noma ilanga selishonile.