USHENGE UTHELEKE KUNGALINDELE MUNTU NETHIMBA LEZOKUPHEPHA EBUHLENI

UNGQONGQOSHE uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngesikhathi ethamele inkonzo yamaNazaretha ngoMgqibelo. ISITHOMBE: KZNCOGTA
NOMCEBO NGEMA
NJENGEZINYE yezindlela zokuqinisekisa ukuthi kunokusebenzisana nokubambisana okukhona phakathi kukahulumeni namabandla, uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uvakashele ibandla lamaNazaretha enkonzweni yokuvala umhlangano ebeyiseBuhleni, ngoMgqibelo.
UNgqongqoshe Buthelezi uvakashele le nkozo nezikhulu eziphezulu eziphethe uhlaka lwakwaProvincial Disaster Management Centre (PDMC), ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leli bandla liyayilandela imigomo yezokuphepha lapho kuhlangene khona abantu abaningi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe uMfundisi Buthelezi uhlale ehlaba ikhwelo lokuqinisekisa ukuthi lapho kuhlangene khona izinkumbi zabantu kumele kuqinisekiswe ukuthi ezokuphepha kwalabo abasuke bekhona zibhekelelekile okungenye yemizamo yokugwema izinhlekelele nokulimala kwamalunga ebandla nokuqinisekisa ukuthi bakhonza ngesizotha.
