Uncategorised

UKHAWULA UTHI OWE-INKANDLA MAY UBUYISA UKUZIGQAJA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula abazoba ingxenye yomjaho wamahhashi eNkandla ngempelasonto. ISITHOMBE: KZNOTP

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi umjaho wamahhashi oba minyaka yonke iNkandla May Horse Racing, ibuyisa ukuzigqaja, nethemba elisha kubantu basemakhaya.
Lo mjaho uzoba ngoMgqibelo mhla zingama-23 kuNhlaba 2026 ku-ward 5, KwaNontshiza, ngaphansi kukaMasipala waseNkandla.

UNgqongqoshe uthi ngoLwesihlanu libumbene ihora le-12:00 emini bebade, kuzoba nomviliyelo lapho amahhashi ezobe etelebhela edolobheni laseNkandla, abaculi bephefoma bukhoma njalo njalo.
“Isiqubulo sakulonyaka sithi Ride For A Purpose. Lo mjaho uhlanganisa abanikazi bamahhashi, ojokhi, amalunga omphakathi izinsuku ezimbili, imfashini, imincintiswano kanye nokunye okuningi. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli naye uzoba ingxenye yalomjaho njengoba wasungulwa ngesikhathi eseyiMeya yaseNkandla. Lo mjaho awugcini ngokuhlomulisa abanikazi bamahhashi kuphela kodwa kuhlomula nabantu abasha bendawo, njengoba kunamathuba emisebenzi edalekayo, abadayisi, izindawo zokudlela, imboni yamatekisi, onogada, izindawo zokulala zaseShowe, Melmoth naseNkandla,” kusho uNgqongqoshe uMnuz Khawula.