Uncategorised

ISILO SISUKUMELA UDABA LWABOKUFIKA ABAKULELI NGOKUNGEMTHETHO

ISILO uMisizulu KaZwelithini sithi sizokhuluma kabanzi ngodaba lwabokufika ngoLwesine. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

SITHI phansi amaphaphu Zul’omnyama ondlela zimhlophe , Isilo uMisizulu KaZwelithini ngodaba lwabokufika kuleli ngokungemthetho, njengoba sithi asithule ngoba singaboni kodwa siphezu kwalo lolu daba siyalusebenza.

Lokhu kushiwo uMntwana uThulani waseZibindini ngokuthunywa Isilo, le nkulumo ifakwe ekhasini layo iNdlulamithi ku-Facebook.

UMntwana uThulani uthi iSilo esiphezulu kwalo daba lwabokufika ngokungekho emthethweni.
“Nina beSilo ngithunywe iMbube ngenxa yokuzwa imvunge elapha ngaphandle, ukuthi abantu beSilo kukhona okungabaphethe kahle, kube kufanele ngoba manje kuzwakala sengathi abantu bokufika ikakhulukazi labo abahlezi kuleli ngokungemthetho, sebesiphuze inyongo baze beqa bakhombisa indelelo kubantu bakwa Zulu . Kuyaziwa ukuthi uhulumeni waphumela obala ngokuthi abantu abakuleli ngokungemthetho, nabahlezi lapha bedayisa izidakamizwa benza konke okungalungile, usemkhankasweni wokuthi babuyele emakubo,” kusho uMntwana uThulani.

Uqhube wathi iSilo sibambisane nohulumeni futhi siyavumelana nokuthi makungabi bikho ukudelelana lokhu abakubonayo.
Uthi iNgonyama ithi amaphaphu phansi Zulu ngoba iyalusebenza lolu daba, futhi izokhuluma kabanzi ngalo ngoLwesine mhla zingama-22 kuMasingana eSandlwana njengoba kuzobe kunomkhosi wesikhumbuzo sempi yaseSandlwana, eyayiholwa Isilo uCetshwayo.
“iNgonyama ithi yehlisani imimoya, amaphaphu phansi ayithule kodwa udaba iyalusebenza nohulumeni, futhi naye akathule uyalusebenza kodwa kufanele zonke izinto zenziwe ngendlela,” kuphetha uMntwana uThulani.

Lokhu kuphawula kweNgonyama kulandela ukuthi abantu bezwakalise ilaka labo kwivideo ebifakwe ekhasini layo iNdlulamithi ku-Facebook, imema wonke umuntu ukuthi abe ingxenye yomgubho ngoLwesine, eSandlwana.

Abantu bavuke umbhejazana bebuza Isilo ukuthi sithule sithini izwe laso seliphethwe abokufika, abanye bebebuza ukuthi ngabe asekhona ngampela yini amabutho, amakhosi nezinduna kaZulu, uma bekhona bathuleleni pho impi yabokufika iliwa idlanzana ekubeni bekhona, abanye bebekubeka obala bethi ukuba kusekhona uMdlokombana kabe kade ephumile nesisombululo salenkinga yabokufika abazenzela umathanda kwelakuleli.