
KUNCONYWA ISIBINDI SESILO NGOKUBHEKANA NGQO NESIMO

ISILO uMisuzulu kaZwelithini, sithulelwe isigqoko ngabaningi ngokubhekana nesimo esike sasihlasela. IZITHOMBE : KZNDSAC
ZETHU PHOSWA
KUNCONYWE iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngokuthi sikwazi ukufunda emaphutheni aso, bese sibhekana ngqo nesimo esidlule kuso.
INdlulamithi ihlabe ikhwelo lokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane (GBV), eMkhosini woMhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
“Lokhu nje ukuthi abantu bonke bakhuluma ngakho, kusho ukuthi umyalezo ebesihlose ufike kubantu iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ufikile-ke kubantu. Bambalwa abantu abakwazi ukwenza njengeSilo, abakwazi ukubhekana ngqo nesimo, baphinde baxwayise abantu ngaso,” ukuphawula munye ezinkundleni zokuxhumana.
Omunye uthe kwazona lezi zindaba babengazazi, kodwa owaqopha ividiyo wayekhombisa ukuthi wayengenazo izinhloso ezinhle kodwa wayefuna ukubukisa ngeSilo ezitheni zaso.
“Uyena owanekela izwe konke lokho thina sasingeke sizazi izindaba ezenzeka ngaphakathi endlini. Akavune adle uyena otshalile wayefuna ukugqama ngokuhlambalaza uBayede. UBayede enkulumweni yakhe alikho alibi alishilo, uyena nje uNdlunkulu owasikhombisa ukuthi uBayede uyathinta kwiStella,” ukuphawula omunye.
Abanye baveze ukungazwelani noNdlunkulu uMdolomba, bancoma isenzo seSilo sokukhuza udlame lobulili, ngale ndlela. “ISilo senze ubufakazi obuthinta sona ngqo, sigqugquzela ukuthi abantu abayeke ukuphuza utshwala uma kubenza babe abaphehli bodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane,” besho.
Omunye uphawule wathi:
“Mina ngayizwa kahle inkulumo yeSilo akukho ukubukisa kuleya nkulumo, sakhuza isihlava se-GBV sathi uma abantu behlulwa utshwala ababuyeke, zase ziyahlekake izingane. Sathi ‘ngiyazi ukuthi njengoba senihleka nicabanga indaba yeStella’. Sasazi ukuthi kuhlekwa ukuthi abantu behlulwa utshwala njengaso. Yini-ke ebukisa ngoNdlunkulu kule nkulumo,” ebhale kanje.
