UPHAKELUMTHAKATHI UTHI ABAKHOHLWE ABABAXANISA NO-JACINTA

UPHAK’LUMTHAKATHI Ndabandaba ukhala ngabazama ukubaxabanisa noJacinta Ngobese-Zuma. ISITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
UPHAK’LUMTHAKATHI uthi abakhohlwe laba abazama ukufaka unyawo lwedada, phakathi kwakhe noJacinta Ngobese-Zuma. UPhak’lumthakathi ogama lakhe langempela kuNkosikhona Ndabandaba, ongumholi nomsunguli wenhlangano Insizwa Nobunsizwa Development Foundation, usho kanje namuhla ekhasini lakhe ku-Facebook.
UNdabandaba uthi kukhona abantu abasebenza kanzima ukuzama ukubaxabanisa noMaNgobese Zuma, abenza uqhekeko phakathi kwabo. “Mina ngoba ngiyindoda ngeke kwenzeke lokhu enikufisayo. Ngiyamethemba futhi ngiyameseka umama wakwaZuma. Ngisazoqhubeka ngimeseke kuze kube siyanqoba. Insizwa Nobunsizwa Development Foundation indala, inamava, inobuqotho. Ngeke ibe inhlangano yezepolitiki futhi ayikaze isebenzisane okanye izihlanganise neqembu lezepolitiki,” kusho uPhak’lumthakathi.
Uphinde wakubeka kwacaca ukuthi bona badinga izwe lilungile, bavotele abaholi abaqotho futhi babakhumbuze ukuthi yini umholi.
