Uncategorised

KUXWAYISWA NGAMABHODWE ANEKHEMIKHALI EYINGOZI

IWONA amabhodwe okuxwayiswa ngawo abantu bakuleli. ISITHOMBE FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

I-WORLD Health Organisation (WHO), ixwayisa ngobungozi bekhemikhali etholakala kwamanye amabhodwe okupheka emlilweni anemilenze emithathu.

Le nhlangano ithi lamabhodwe akhiqize ikhemikhali ebizwa nge-Lead engadala izinkinga eziningi emzimbeni womuntu, uma kwenzeka umuntu eyidla. Ithi le khemikhali ingadala izinkinga ezifana nomdlavuza, ukuvaleka kwenzalo, isifo sezinso nokunye okuningi.

Baqhube bathi into edala lokho ukuthi iningi lalamabhodwe akhandwe nge-Alluminium ebuyekeziwe(recycled).