Uncategorised

SITHOLAKALE SINGCWATSHWE ESONTWENI ISIDUMBU SIKAMENGAMELI UNKONYANE

UMENGAMELI T.E ongasekho emhlabeni obekufanele abekwe endlini yakhe yokugcina ngempelasonto. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UTHOLAKALE ungcwatshwe kwelinye isonto umzimba kaMengameli Thamsanqa Nkonyane webandla i-The Christian Catholic Apostolic Holy Spirit Church In Zion, Inyoni Emhlophe, okusolwa ukuthi isancinza uNksz Priscilla Mazibuko, uyena owenze uhlelo lomgcwabo lokuthi angcwatshwe kungazi muntu.

Kwenzeka lokhu nje umndeni wakwaNkonyane uvulele iCebolethu icala kanye noNksz Mazibuko, njengoba ufice izitini ebhokisini, esikhundleni somzimba kaMengameli ongasekho emhlabeni, obekufanele abekwe endlini yakhe yokugcina ngempelasonto.

Ngokwesitatimende sebandla esithunyelwe kwabezindaba, sithi uMengameli ubezongcwatshwa ngoMgqibelo mhla ziyi-6 kulenyanga, Osizweni Church Headquarters.

“Ngesikhathi seluya ngasemaphethelweni uhlelo lomgcwabo kwatheleka amaphoyisa nencwadi evela eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu evimba umngcwabo. Incwadi yesicelo sokuvimba umngcwabo yayikade ifike ekuseni noNkk Dolly Nkonyane (MaNgcobo) unkosikazi kaMengameli ashada naye ngonyaka ka-1988 futhi bashade umshado ohlanganisa amafa. UMengameli noMaNgcobo abakaze bahlukanise yingakho inkantolo ivune yena futhi ngesikhathi efika wayephelezelwa umndeni wakwaNkonyane. UNksz Priscilla Mazibuko (MaKhuzwayo) yena ubehlala noMengameli eThekwini, okuyilapho uMengameli edlulele khona emhlabeni. UNksz Mazibuko wenza zonke izinhlelo zomgcwabo ngaphandle kokuxhumana okanye abandakanye umndeni wakwaNkonyane noma uNkk Dolly Nkonyane,” kusho isitatimende.
Umndeni wacela umsebenzi wakwaCebolethu ukuthi abavulele ibhokisi.okuyilapho okwabonakala khona phambi kwamaphoyisa njengoba ayephelezele umzimba kaMengameli.
“Umndeni wakwaNkonyane uvulele abangcwabi bakaCebolethu icala kanye noNksz Priscilla Mazibuko. Siyibandla sishaqekile ngalokhu okwenzekile futhi sizoma nomndeni wakwaNkonyane, siphinde siweseke ngalesikhathi,” kuphetha isitatimende sebandla.