UNGCONGO UKHUTHAZA UKUVIKELWA KWEZINGANE NSUKU ZONKE

IMEYA kaMasipala waseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo echaza ngokubaluleka kokuvikelwa kwezingane. ISITHOMBE: RICHMOND MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo, uthi ukuvikelwa kwezingane makube yinto yansuku zonke, kungabi yinto eyenziwa uma kunomkhankaso okanye kuyinyanga yokuvikela izingane kuphela, ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano ngokuvikelwa kwezingane ebihlelwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, enkantolo yesizwe KwaVumukwenza, eNhlazuka.
Uthi ukuvikelwa kwezingane akungabi inyanga eyodwa kodwa akube zinsuku zonke zonyaka (365 days). “Siyabonga ukuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, ihhovisi laseRichmond ngokubambisana noMkhandlu bahlonze indawo yaseRichmond, KwaVumukwenza ukuthi kube yilapho esenza khona le nkulumo mpikiswano futhi esakufundisa ngokunakekelwa kanye nokuvikelwa kwezingane. Le mikhankaso ayibanga lapha eRichmomd kuphela kodwa yenzeke kuwona wonke lo Mkhandlu. IRichmond njengoba inamawadi ayi-7, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uwahambele wonke,” kusho iMeya.
Uqhube wathi le mikhankaso ihlose ukuxoxisana nabantu, bezwe uvo lwamakhosi nezinduna ukuthi iliphi iqhaza abangalibamba. “Kuvelile ukuthi Amakhosi nezinduna baklama indima ebalulekile ukuvikela amalungelo ezingane. Ezindaweni zasemakhaya uma kukhona ingane ehlukumezeka ngakho, umzali noma umuntu omdala ekhaya uqale ayobika enduneni ebese udaba luyaqhubeka lugcine lusemaphoyiseni uma kufanele,” kuphetha iMeya.
Lo mkhankaso ubuhanjelwe izikhulu zikahulumeni, amaphoyisa, amakhosi, izinduna kanye namalunga omphakathi
