Uncategorised

UMKHWANAZI UKHALA NGOKUGUGA KWENGQALASIZINDA YAMANZI EVRYHEID

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi echaza ngezingqinamba uMasipala waBaQulusi obhekene nazo. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, ukhala ngokuguga kwengqalasizinda yamanzi okwenza kube nzima kwesinye isikhathi ukuthi amanzi afinyelele emiphakathini eyakhele lo masipala. IMeya uMkhwanazi isho lokhu namuhla e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini, ngesikhathi inengxoxo ekhethekile naleli phephandaba, njengoba bekuqhubeka ingqungquthela yokubhunga kabanzi ngamanzi ebihlelwe uhulumeni waKwaZulu-Natal.

IMeya uMkhwanazi ithi udaba lokuphathwa kwamanzi lunikezwe imikhandlu, kodwa bona bewuMasipala waBaQulusi banengxenye eningi yokuphakelwa kwamanzi abanikwe yona okubalwa idolobha laseVryheid, iMondlo, iHlobane, Coronation, iBhekuzulu namanye amalokishi aphakelwa ibona amanzi.

“Sisebenzisana kahle kakhulu noMkhandlu iZululand kodwa inkinga esinayo eyengqalasizinda yamanzi esindala kuzona zonke izindawo zaseVryheid. Izindawo eziningi zinengqalasizinda eneminyaka engaphezu kwengama-60, amapayipi madala futhi ahlale eqhuma, okwenza kuphazamiseka ukuhanjiswa kwamanzi emiphakathini. Okunye isibalo sabantu esiya ngokwanda emalokishini kodwa ingqalasizinda ilokhu imi lapho ayinwebeki ukuze ikwazi ukumumathe umthamo wabantu. Izindawo ezigcina amanzi azenele lokho kwenza ukuthi uma enqamuka abantu bawaswele ngaso leso sikhathi ngoba asinayo indawo ekwazi ukuwagcina noma izinsuku ezimbili, okuzothi sithi silungisa umonakalo kodwa umphakathi ube uwathola amanzi,” kusho iMeya uMkhwanazi.

Uqhube wathi le ngqungquthela ibasizile bathekela ulwazi, njengoba bekunezikhulumi ezihlukahlukene.