
USETHOLE IKHAYA ELISHA OBEDLALELA I-PIRATES
MALIBONGWE MAZIBUKO
UTHUSO Moleleki usejoyine iKruger United, okuyiqembu elisanda kukhuphukela kuBetway Premiership. Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engama-26 ubudala uke wadlala kuFree State Stars nakwi-ORBIT College ngaphambi kokujoyina i-Orlando Pirates ngo-2024.
UMoleleki uhlulekile ukuthola indawo esikimini sePirates, udlale imidlalo emithathu kuphela ngasekupheleni kwesizini ka-2024/25.
Ngesizini edlule, ubuyele ku-Orbit College ebolekisiwe, lapho edlale khona imidlalo engu-18, kodwa leli qembu lagcina ligawulwe yizembe, lehlela kuMotsepe Foundation Championship.
IPirates ibingakaze imemezele ngokusemthethweni ukuhamba kwalo mdlali, kodwa uMoleleki akabonwa kuyona kule sizini. Manje usejoyine i-United, esanda kuthola ukunqoba kwayo kokuqala ngokushaya iTS Galaxy ngo-1-0 emdlalweni weBetway Premiership. Ukunqoba kubabeke kumaphuzu amane emidlalweni eyisithupha, endaweni ka-13 kwi-log yePremiership.
