Uncategorised

UZOVELA NGOLWESIBILI KWIKHOMISHANA KAMADLANGA U-CAT MATLALA

UVUSIMUZI “Cat” Matlala uzovela ngesonto elizayo kwiKhomishana kaMadlanga. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UZOVELA phambi kweKhomishana kaMadlanga mhla ziyi-7 kuNtulikazi usomabhizinisi osolwa ngoxhaxha lwamacala, uVusimuzi “Cat” Matlala, uzovela kule khomishana ngaphansi kombandela othi ngeke abuzwe imibuzo enzulu (cross-examination) mayelana nethenda yakwa-Medicare24. UMatlala uthi lokhu kungenxa yokuthi lolu daba luyingxenye yesivumelwano sokuvuma icala ne-NPA izolo.

Inkantolo izolo inqabile ukuthi uCat athole iminyaka eyisi-8 ebhadla ejele okuyisivumelwane abesenze nombuso, ithe kufanele athole iminyaka engama-12 ebhadla ejele ngoba wazicabangela yena kakhulu.Abameli bakhe bacele ukuyocabanga kahle ngokushiwo inkantolo, ebese ephinde avele enkantolo mhla ziyi-13 kuNtulikazi kulonyaka.