
UMKHWANAZI UCELA IZAKHAMIZI ZIBEKEZELELE UKULUNGISWA KWEMIGWAQO

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi icela izakhamuzi zibekezele ngokulungiswa komgwaqo.
ISITHOMBE: ABAQULUSI LOCAL MUNICIPALITY
OWAMI THABETHE
IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi inxusa izakhamuzi zikaMasipala waBaQulusi, ukuthi zibekezelele umsebenzi wokulungiswa kwemigwaqo oqhubekayo edolobheni nasemalokishini.
IMeya uCllr Mkhwanazi ivumile ukuthi babhekene nezinselelo zokungabi nemali eyanele kahle, njengoba ukulungiswa kwale migwaqo, kudla ephaketheni lalo masipala, okwenza izinto zihambe kancane.
“ Njengamanje uMasipala usebenzisa imali yephakethe lawo ukuqhubeka nalo msebenzi omkhulu kangaka. Ngalokho sinxusa bonke abakhokhi bentela ukuthi bakhokhe izimali abazikweleta umasipala, lokho kuzosisiza kakhulu, sibe nemali eyanele ukuqhubeka nomsebenzi ”, kuchaza uMkhwanazi.
Iphinde yethembisa ukuqhubeka nokuletha intuthuko nenqalasizinda encono emphakathini.
Ube esexolisa ngokudaleka kwesiminyaminya nokuphazamiseka kwesikhasha.
“ Njengamanje umasipala usebenzisa imali yephakethe lawo ukuqhubeka nalomsebenzi omkhulu kangaka. Ngalokho ngicela bonke abantu nabakhokhi bentela ukuthi bakhokhe imali abayikweleta umasipala, khona sizoba nemali eyanele ukuqhubeka nomsebenzi ”, kuchaza uMkhwanazi.
IMeya iphinde yathembisa ukuqhubeka nokuletha intuthuko nenqalasizinda encono emiphakathini.
