Uncategorised

USOMIZI UGXEKE INKULUMO KA-NGIZWE

SIMIZI Mhlongo uthi bazokhathala uNgizwe.. ISITHOMBE: THE CITIZEN

MZWA MHLONGO

NAKUBA ebonakale engaluthatheli phezulu udaba luka Ngizwe Mchunu, umsakazi weMetro FM lokugxijwa nokucwaswa bukhoma, ngenxa yokuthandana nobulili obufanayo.
USomizi Mhlongo ngemuva kwesikhathi ethuli sakwetshisa inkulumo kaNgizwe lapho egxeke abesilisa abagqoka imvunulo yamazulu uma beshada, ugcine esephefumula ngalolu daba obelulumela.
“Ngicela lento ekhulunywayo ngathi inganicasuli , ningalwi nehlise imimoya, angigqugquzeli udlame kodwa kuzofika la sizokhathala khona, ” kusho uSomizi.
USomgaga Ukusho lokhu ngesikhathi yena neqeqebana lakhe baphume umkhankaso eGoli, bephikisana noNgizwe njengoba bebethi akunyiwe makunyiwa ngeke bezwe ngoNgizwe bona.
USomizi ubhoboka okukuqala ngalolu daba, wathi yena akagqugquzeli udlame kodwa ulwela amalungelo abantu abathandana bewubulili obubodwa.
Uveze ukuthi ngeke bashintshe abayiko ngenxa kaNgizwe.