Uncategorised

UPHAKEL’UMTHAKATHI UTHI UBENGEKE AMEME UJACINTA NAYE EBIZIWE UMENGAMELI

UPHAKEL’MTHAKATHI ecacisa ngomhlangano ababenawo noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa. ISITHOMBE: ZETHU PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

UMHOLI nomsunguli we-Insizwa Nobunsizwa Development Foundation uPhakel’mthakathi Ndabandaba, uthi eyokubizwa uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ngosuku olwandulela kukhukhulela ngoqo wemashi, ibidinga yena njengokubizwa kwakhe, ibingamdingi uJacinta, ngoba ukube ubemdinga uMengameli ubezombiza. Lokhu ukucacise ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba,Izolo eGugu Dlamini Park, eThekwini, asimemezele kwimashi yomhlaka 30 kuNhlangulana, ngenhloso yokucacisa ngokuhlangana kwakhe noMengameli engekho uJacinta.

Uthi abantu abashoshozela ukuthi axabane noJacinta, futhibazama ngakho konke okusemandleni abo ukudala uqhekeko phakathi kwakhe nalo msunguli weMarch And March uJacinta Ngobese-Zuma. Abantu babone ngokusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ebusuku, lapho kubonakale khona uPhakel’mthakathi noNgizwe beshuthe noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.UPhakel’mthakathi uthi umuntu okuyena owayehlela lo mhlangano angasho ukuthi wazama izikhawu eziningi ukuthi amnxenxe abe ingxenye yalomhlangano.

“Ngajika sengise-Standerton ngibuya ngiza lapha ngoba ngangilokhu nginqaba, ngithi abamtshele uMengameli ukuthi konke kuzohamba kahle angeke ube khona umonakalo mhla zingama-30 kuNhlangulana. Ngangisho kanjena ngoba ngaya entabeni ngayoyikhulekela iNingizimu Afrika ukuthi ingashi ngalolu suku lwemashi. Mina angiyena umuntu othanda ukuhlangana nabantu abakhulu abangekho ezingeni lami ngoba kugcina kube ngathi umdlalo ukuhlangana nabo. Abaningi bakhala ngokuthi kungani uJacinta singamtshelanga, yingoba kwakungemina owebize umhlangano ngakho awukwazi ukumenywa emhlanganweni ebese nawe umema abantu bakho,” kuchaza uPhakel’mthakathi