SIKHULU ISILILO NGOKUDLULA EMHLABENI KUKA-DKT MAHLABA

UDKT Ntuthuko Mahlaba odlule emhlabeni, izolo.

UDKT Ntuthuko Mahlaba ezokwamukela uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula, ngesikhathi ezoqhoqhobala lesi sikhundla, esasikade siphethwe uyena uDkt Mahlaba. ISITHOMBE: KZNDSAC
AKHONA DLAMINI
ALOKHU egeleze njalo amazwi enduduzo, ngokudlula kukaDkt Ntuthuko Mahlaba, izolo eNewcastle ngesikhathi eshayiswa imoto ejoga.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, udlulise amazwi enduduzo, kumndeni wakwaMahlaba, angene ezicathulweni zakhe njengoba wayenguNgqongqoshe walo Mnyango.
Uthi uDkt Mahlaba ubengumholi ozinikele emsebenzini womphakathi, owaziwa ngobumnene, ukuzithoba nokuhlonipha abantu.Ekhumbula isikhathi athatha ngaso izintambo zobuholi kulo Mnyango, uKhawula uthi uDkt Mahlaba wamamukela ngezandla ezifudumele, futhi waqinisekisa ukuthi ukwedluliswa komsebenzi kuhamba ngendlela eshelelayo.
“UDkt Mahlaba ubengeyena nje kuphela uzakwethu kodwa ubengumholi wezepolitiki obehlala eveza imibono nezinkolelo zakhe ngokukhululeka. Okugqame kakhulu kuye ukuthi noma ngabe ubephikisa umbono othize, ubekwenza ngenhlonipho enkulu, nangokuvuthwa kwezepolitiki nangobuhlakani. Iqhaza lakhe ekusebenzeleni abantu bakulesi sifundazwe liyohlale likhunjulwa. Emndenini wakwaMahlaba sithi alwehlanga lungehlanga,” kusho uKhawula.
UDkt Mahlaba uke wasebenza njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, waphinde wasebenza njengoNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu. Udlule emhlabeni enguSihlalo woSihlalo kwiKomidi lesiShayamthetho KwaZulu-Natali, futhi aziwa ngobuholi obuqotho, ukuhlakanipha kwezepolitiki kanye nekhono lokuqondisa izingxoxo ngezindaba ezithinta isifundazwe.
