Ezobumnandi

ABAQULUSI BAGUBHE INYANGA YABESIFAZANE NGESITAYELA ESIPHEZULU

IZIKHULU zakuMasipala ABaQulusi.

ABESIFAZANE bakuMasipala waBaQulusi.

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi.

IMENENJA kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini.. IZITHOMBE: UMASIPALA WABAQULUSI

AKHONA DLAMINI

UMASIPALA waBaQulusi uyigubhe ngesitayela inyanga yabesifazane, ngomcimbi obusezingeni eliphezulu iDoek On Mbokodo, owawungomhla ziyi-10 Agasti 2026, eCecil Emmet eVryheid.

Lo mcimbi obuhlelwe uMasipala waBaQulusi, ubuhlanganise abantu besifazane abavela emikhakheni eyahlukene, kanti izikhulumi eziningi zabanikeza izeluleko nezinkulumo ezikhuthazayo zigcizelela ukubaluleka kowesifazane emphakathini nasemsebenzini.

IMeya kaMasipala waBaQulusi, uCllr uSifiso Mkhwanazi, igqugquzele abesifazane ukuthi babumbane, bathandane futhi baxhasane bona bebodwa.
“Uma abesifazane bebambisane, banamandla ekwakheni nasekuthuthukiseni iNingizimu Afrika. Ubuhlakani namandla yizinto abesifazane abanazo ngokwemvelo,” kusho uMkhwanazi.

IMeya iphinde yabonga abaxhasi nababambe iqhaza ekwenzeni lo mcimbi ube yimpumelelo, wathi ukwesekwa yibo kube negalelo elikhulu ekuphumeleleni kwawo.