Uncategorised

KUCIJWE INTSHA YASEBAQULUSINI KWEZAMABHIZINISI

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthi kubalulekile ukuthi intsha icijelwe kwezamabhizinisi, ukuze ingeke ilinde ukuqashwa kodwa kube yiyo edlala amathuba emisebenzi.

INTSHA ebiyingxenye ye-Youth Entrepreneurial Empowerment IZITHOMBE: ABAQULUSI

AKHONA DLAMINI

INTSHA engaphansi kukaMasipala waBaQulusi ithole ithuba eliyinqayizivele lokucijelwe kumkhakha wezamabhizinisi, ukuze ingeke ilinde ukuqashwa kodwa kube yiyo edala amathuba emisebenzi, ngesikhathi kunengqungquthela i-Youth Entrepreneurial Empowerment, ehholoeLakeside Park, eVryheid ngoLwesithathu.

I-Youth Entrepreneurial Empowerment Seminar, ihlelwe uMnyango WezokuXhumana noLwazi kuHulumeni (GCIS), ngokubambisana noMasipala waBaQulusi, ngenhloso yokuthuthukisa nokucija intsha. Lo mcimbi inhloso yawo ukjcija intsha emikhakheni eyahlukene, ikakhulukazi kumabhizinisi, ukudala amathuba emisebenzi nokuthuthukisa amakhono. IMeya kaMasipala waBaQulusi uCllr uSifiso Mkhwanazi, ugcizelele ukuthi le ngqungquthela izosiza intsha ukuthi ingene kumabhizinisini nasekuzimeleni ngokomnotho.