KUBONGWE UMNDENI KA-SHENGE KOWE-MANGOSUTHU LEGACY CUP

UMENGAMELI we-SAFA uMnuz Mduduzi Mthembu eZululand ebonga umndeni wakwa-Buthelezi.

ABAMELE amaqembu azodlala ngoMgqibelo, uSomlomo kanye nabanye bephethe indebe. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
UMENGAMELI we-South African Football Association (SAFA) eZululand, uMnuz Mduduzi Mthembu ubonge umndeni kaMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP) iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokuvuma ukuthi kusetshenziswe igama lakhe noma engasekho emhlabeni. Usho lokhu namuhla ngesikhathi uSomlomo woMkhandlu waseZululand, uCllr Thembile Memela, eqhatha amaqembu azogijimisana ngoMgqibelo kowe-Prince Mangosuthu Legacy Cup, eGarden Court Olundi.
Amaqembu azogijimisana ngoMgqibelo ePrince Mangosuthu Buthelezi Stadium, AmaZulu azotholana phezulu no-Ulundi United ngehora lesi-9:00 ekuseni, ebese kuthi ngehora le-12:00 emini bebade kubhekane iNsingizini Hotspurs igijimisane neMbabane Highlanders FC (Swaziland derby). Amaqembu amabili azonqoba azobe esebhekana ngehora le-16:00 ntambama kowamanqamu, ozonqoba uzokhala emuke nendondo yalonyaka.UMengameli uMthembu uthi okumjabulisa kakhulu ukuthi Ulundi United, lusanda kungena kwiMotsepe Foundation Championship ngoba ayiyona ovikizembe.
“Ngiyabonga kumndeni wakwaButhelezi ngokusivumela ukuthi sisebenzise igama likaMntwana waKwaPhindangene noma engasekho emhlabeni. UMntwana waKwaPhindangene ubenguMholi oqotho futhi owaziwa umhlaba wonke. Le midlalo isenza sibuye noma sikuphi sizoyibuka ngoba iyinto eyigugu kuthina,” kusho uMengameli uMthembu.
Uqhube wathi ngesikhathi iqala le midlalo kwabhekana iSundown naMaZulu FC okuyinto ababengazi ukuthi iyoke yenzeke, njengoba manje sekunamaqembu akwelinye izwe iSwaziland. Lo mcimbi ubuhanjelwe umndeni wakwaButhelezi, aMakhosi, izinduna, uMasipala wasOlundi kanye noMkhandlu iZululand.
