UNTULI UTHI UTHOKOZILE NGOKUSEBENZA KONGQONGQOSHE BASE-KZN

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli.

IZALUKAZI namakhehla bathole ukhisimuzi ovela kuNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
UCHOME uphaphe lwegwalagwala ongqongqoshe asebenzisana nabo kwikhabhinethi yaKwaZulu-Natal, uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, othe selokhu kwangena uhulumeni wobumbano lesi sifundazwe sinozinzo. UNdunankulu uNtuli ukusho lokhu izolo, eGroutville eStanger, nathe njengoba benguhulumeni bayisebenzi zomphakathi, lokhu okwenza baqhube uhlelo i-Operation Sukuma Sakhe, okuwuhlelo lokubheka amaprojekthi nokulalela izingqinamba zomphakathi.
“Ngicela sibambisane nani zakhamuzi zaKwaZulu-Natal. Senze lesi sifundazwe sibe nozinzo. Silwe nobugebengu nodlame. Sicela ubumbano emphakathini, ukuze ukwazi ukungqoba izinselelo obhekene nazo. Ogqongqoshe engisebenza nabo bazimisele ukusebenzela nabantu baKwaZulu-Natal. Baqome ukuzifikela mathupha kubantu,” kusho uNdunankulu uMnuz uNtuli Uthe kufanele kusizwe abantu ngale okuhambisana ipolitiki phambili, ngaphandle kokubheka ukuthi bakweliphi iqembu.
