
USAZIWAYO UZIPHOSE OLWANDLE EHLULWA UTHANDO

UCIJIMPI ngesikhathi etholakala eseshonile olwandle.
IZITHOMBE: DAILY UPDATE
OWAMI THABETHE
UCIJIMPI Zwane obedume ngelika-Alabester kuTiktok usabalalise ividiyo ngoMsombuluko mhla zingama-28 kuMandulo, esolwandle ebusuku ethi uzozibulala aziphose olwandle ngenxa yokungaphathwa kahle abehlekisana naye.
Abaningi ababone le vidiyo bakushaye indiva ukuthi kukhona umuntu ongamemezela uma ezozibulala. NgoLwesibili ekuseni mhla zingama-29 kuMandulo, umndeni wakhe ukuqinisekisile ukudlula kwakhe emhlabeni.
Kuthiwa u-Alabester ubesanda kugxeka uShembe embiza ngoMdurayza. Abazibiza ngamakholwa aseNazareth, bezwakale engathi bayasijabulela isenzo sakhe sokuzibulala, okuvuse impikiswano ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bathi okusho ukuthi kuyiqiniso uma amaNazareth ethi ‘iNkosi ikubusise’ asuke ethi yehlelwa okubi.
“UShembe akathintwa ungafa nokufa,” kusho abantu.
