Uncategorised

KUQINISWE UBUHOLI EKULWENI NOBUGEBENGU EMAHOSTELA

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula uhlelo lokuqeda ubugebengu emahostela.ISTHOMBE: ZANDILE SHANGE

LINDELWA MAGWAZA

KUQINISWE imizamo yokulwa nobugebengu nokubuyisa ukuthula emahostela, ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ethula uhlelo olubizwa nge-Ayihlale Phansi Ibambe Umthetho, ehostela eBuyafuthi eGoli.

UNdunankulu uNtuli uthe lolu hlelo luhlose ukuhlanganisa amaphoyisa, izinhlaka zokuphepha, izinduna zamahostela nabaholi bomphakathi, ukuze basebenzisane ekulweni nobugebengu nasekuqedeni ukubulalana emahostela. Uveze ukuthi lolu hlelo luzophinde lukhuthaze ubumbano nokuhloniphana phakathi kwabahlali.

“Asifuni ukuza lapha senze umcimbi bese siyahamba. Sifuna kwakhiwe inkundla ezoqhubeka nokuxazulula inkinga yokubulalana emahostela. Abantu abaqhamuka emphakathini owodwa akufanele bagcine bebulalana,” kusho uNtuli.Uqhube wathi uhulumeni uzolandelela ukusebenza kwalolu hlelo, ukuze kuqinisekiswe ukuthi luyayinqanda impi, nobugebengu emahostela. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa futhi ulahle izikhali ezingekho emthethweni, ukuze kwakhiwe izindawo eziphephile kuwowonke umuntu.