Uncategorised

KUSATHUNGATHWA ABABILI ABAMUKE NEZIKHUKHULA E-MSHWATHI

UPHIKO Lokutakula Nokuhlenga ngesikhathi lukhipha umzimba woyedwa obubhajwe esihlabathini.

NOMCEBO NGEMA

ABATAKULI baphansi phezulu bathungatha izidumbu zabantu ababili abamuke nezikhukhula eNew Hanova kuMasipala waseMshwathi izolo ebusuku.
Kule nhlekele kumuke abantu abathathu, abatakuli bakwazile ukuthola oyedwa obembozwe yisihlabathi, notholakale eseshonile, kuyimanje baphansi phezulu bathungatha laba ababili.
Kuthiwa umndeni wakwaNtuli ubunemiqasho eyakhiwe osebeni lomfula, okuthe uma ugcwala umfula wakapakela kulawa makotishi, izikhukhula zamukisa laba belele.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli usedlulise amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe abathandiweyo nayo ngenxa yezikhukhula.
“Sithi dudu kwabalahlekelwe abathandiweyo babo ngenxa yalezi zikhukhula. Uhulumeni nabatakuli kumanje basendaweni yesehlakalo, ukuqinisekisa ukuthi le eminye imizimba iyatholakala, “ kubeka UNdunankulu uNtuli.
Uthi abantu abakhe ezindaweni ezibonakalayo ukuthi zinobungozi, mabaqaphele, uma kudingeka basuke abasuke, bayokwakha ezindaweni eziphephile.
“Njengoba isimo sezulu silokhu siguquguquka siyafisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal balalelisise izexwayiso ezisuke zikhishwe abesimo sezulu, omasipala kanye nohulumeni ngoba iyona ndlela yokuphepha leyo. Uma sesifikile isikhathi sokushintsha shintsha kwezulu kodwa okudingekayo ukuthi thina sibe nendlela yokulalela,” kuphetha uNdunankulu